Inhloso yaleli bhukwana ukuqondisa abaholi bendabuko emsebenzini wabo wokubhekela ukuthi ukwenziwa kobulungiswa kutholakala kakhudlwana uma besebenza njengokhomishina abafungisayo kanye nokubeka izinqubo okufanele zilandelwe ekuphathweni kwesifungo noma kokuqinisekiswa, ukuthathwa kwesifungo esisemthethweni noma esiqinisekisiwe kanye nokufakaziswa kwemibhalo.
a Amandla okubopha ngaphandle kwencwadi yemvume: umuntu owenza noma ozama ukwenza ubugebengu; ocabanga ukuthi weqile noma ozame ukweqa ekuvalelweni komthetho; umuntu ophethe impahla yokugqekeza izindlu kanye/noma yokugqekeza izimoto; umuntu otholakala ephethe izinto okusolwa sengathi zebiwe noma zitholakale ngezindlela ezingathembekile; umuntu otholakale ebusuku ezimeni ezinesisekelo sokusola ukuthi umuntu wenze noma usezokwenza ubugebengu; umuntu osolwa ukuthi unezinkomo ezebiwe, njll. kanye b Amandla okusebenzisa incwadi yemvume yokubopha.
Bonke abaholi bendabuko bangabasebenzi abagcina ukuthula, ngakho-ke ngenxa yezikhundla zabo (ex officio) - bangokhomishina bokufungisa. Ngokwesikhundla sehhovisi - ukhomishina wokufungisa umuntu okuthi ngenxa yehhovisi lakhe noma yesikhundla sakhe, avele abe ngukhomishina wokufungisa. Lapho abanye abantu kufanele bafake izicelo kuNgqongqoshe Wezobulungiswa kanye Nokwenziwa Komthethosisekelo ukuthi baqokwe njengokhomishina bokufungisa, lona akafaki sicelo. Lapho okhimishina bokufungisa abaqokiwe benikezwa izitifiketi zokuqashwa, ngokwesikhundla ukhomishina wokufungisa akasidingi isitifiketi, ngoba unesitifiketi sehhovisi noma lesikhundla akuso.
Ukhomishina ofungisayo uqokelwa indawo ethile futhi usebenza kuleyo ndawo aqokelwe kuyo. Iqhaza likakhomishina ofungisayo ukusiza amalungu omphakathi wendawo ngokubhekela ukufunga noma ukuqinisekisa noma ukwenza isaziso esifungelwe kunanoma yimuphi umuntu. Omunye umsebenzi kakhomishina wokufungisa ukuqinisekisa amakhophi emibhalo njengamakhophi aliqiniso lemibhalo yokuqala. Akukho mali ebizwayo ngokufungisa noma ngokuqinisekisa, ukuqinisekisa isaziso noma ukuqinisekisa umbhalo. Ukhomishina ofungisayo akavunyelwe ukubhekela isifungo noma ukuqinisekisa okuphathelene nodaba akaluthandayo nolumthintayo. Isizathu ukuthi umuntu oqinisekisa i-afidavithi kufanele kube ngumununtu ongenzeleli nongachemile maqondana nodaba oluku-afidavithi ukuze umuntu ofakazayo ezokhululeka kunoma yimuphi umthelela wesihloko esiku-afidavithi. Lo msebenzi owenziwa ukhomishina ofungisayo wenza ukuthi kungabi nasidingo sokuthi abantu bahambe ibanga elide beya eziteshini zamaphoyisa eziseduze noma ehhovisi likamantshi ukuthi bayothola usizo.
Uma umholi wendabuko, ngenxa yezinto okufanele azenze noma ngenxa yezinye izizathu, engakwazi ukusebenza njengokhimishina wokufungisa, unobhala noma nanoma yimuphi umholi womphakathi ogunyazwe umholi wendabuko, angaba ukhomishina ofungisayo waleyo ndawo, kuphela ngokuqokwa uNgqongqoshe Wezobulungiswa kanye Nokwenziwa Komthethosisekelo.
Amafomu okufaka isicelo (J5) ayatholakala ehhovisi lemantshi. Le fomu inamakhasi ayisithupha. Amakhasi amahlanu okuqala kufanele agcwaliswe ofaka isicelo kanti ikhasi lokugcina lidinga ukuthi ligcwaliswe imantshi ezokwenza izincomo ngesicelo. Ngokomthetho, lokhu kusho ukuthi ofake isicelo uzoba nezingxoxo zemibuzo nemantshi, ezihlelwe uMabhalane Wenkantolo Yomphakathi. Lapho kungunobhala womholi wendabuko noma omunye umholi womphakathi ogunyazwe umholi wendabuko, kuyadingeka ukuthi kube nencwadi yokuncoma ebhalwe ngumholi wendabuko, ukuthi iphelezele isicelo. Imantshi izobe seyithumela ifomu yesicelo kanyekanye nencwadi yokuncoma kuMnyango Wezobulungiswa kanye Nokwenziwa Komthethosisekelo. Abasebenzi boMnyango Wezobulungiswa kanye Nokwenziwa Komthethosisekelo bazosibheka isicelo kuze kwenziwe isikhathi sokubonana yiPhini likaNgqongqoshe/uNgqongqoshe noma izithunywa zabo, okujwayele ukuthi kube ngamalungu oMnyango asezikhundleni eziphezulu. Isitifiketi sibe sesithunyelwa emuva kumantshi ozosidlulisela kumuntu ofake isicelo.
Umuntu ofakazayo (umuntu owenze i-afidavithi) angaya kukhomishina ofungisayo ephethe i-afidavithi, ayofunga noma eyoqinisekisa.
Ukuthi kukhona yini nanoma yikuphi ukuphikisana anakho ngokufunga okunqunywe umthetho; futhi iii Ukuthi ingabe ukufunga okunqunywe ngokomthetho ukubona njengokuwubophayo yini unembeza wakhe.
Ukufunga okunqunywe ngokomthetho kwenziwa ngokuthi ofungayo asho la mazwi alandelayo: "Ngiyafunga ukuthi okuqukethwe yilokhu okufungelwayo kuyiqiniso, ngicela uNkulunkulu angisize." Ofungayo uyocelwa ukuthi aphakamise isandla sakhe sokudla afunge.
Lapho ofungayo evuma ukuthi uyakuqonda lokhu okuqukethwe yilokhu akufungelayo futhi etshela ukhomishina ofungisayo ukuthi uyaphikisana nokufunga noma emtshela ukuthi akasiboni isifungo njengesibopho kunembeza wakhe, ukhomishina ofungisayo uyokwenza isiqinisekiso. Isiqinisekiso senziwa ngokuthi ofungayo asho la mazwi alandelayo: "Ngiyaqinisekisa ngempela ukuthi lokhu okushiwoyo kuyiqiniso."
Ofungayo kufanele asayinele lokho akufungelayo phambi kukakhomishina wokufungisa. Lapho ofungayo engakwazi ukubhala, kufanele lowo ofungayo afake uphawu ekugcineni kwamazwi afungelwayo. Uma ukhomishina wokufungisa ekungabaza ukungakwazi ukubhala kofungayo, uyodinga ukuthi lokhu kungakwazi kufakaziswe ezansi kwamazwi afungelwayo ngomunye umuntu othembekile.
Emva kokuba ofungayo esesayinile noma efake uphawu, ukhomishina wokufungisa uyofakazisa ukuthi ofungayo ukuvumile ukuthi uyakwazi futhi uyakuqonda okuqukethwe amazwi afungelwayo futhi asho INDLELA, INDAWO, kanye NOSUKU lokwenza isifungo. Ukhomishina wokufungisa uyosayina isifungo bese ebhala igama eligcwele kanye nekheli lomsebenzi ngezansi kwesignesha yakhe, futhi asho nesikhundla sakhe kanye nendawo lapho ebebebonanela khona noma ihhovisi akulo. "Ikheli lomsebenzi" kusho ikheli lendawo futhi hhayi ikheli lokuposa.
Izigxivizo esezilungile ziyatholakala ukuze zisize okhomishina bokufungisa ukuthi benze umsebenzi wesifungo noma wokuqinisekisa ngale kokubambezeleka. Ikhophi yombhalo okufanele ufakiziswe njengekhophi eyiqiniso yombhalo wokuqala, kufanele iqhathaniswe nombahlo wokuqala futhi kufanele kuqinisekiswe ukuthi imibhalo emibili, eqinisweni, iyefana. Uma ukhomishina wokufungisa eqinisekile ukuthi ngempela ikhophi iyikhophi eyiqiniso yombhalo wokuqala futhi akunazichibiyelo ezingagunyaziwe ezenziwe, ukhomishina wokufungisa kufanele abhale phansi ukuthi uyakufakazela ukuthi umbhalo uyikhophi eyiqiniso yombhalo wokuqala nokuthi akukho zinkomba zokuthi umbhalo wokuqala uke washintshiwa ngabantu abangagunyaziwe. Emva kwalokho-ke ukhomishina wokufungisa kufanele eleke ngesignesha futhi abhale igama, isikhundla, imininingwane yokumthinta kanye nosuku. Isigxivizo esesilungile siyatholakala ukuze kufakazelwe imibhalo.
Uma isifungo noma isiqinisekiso, singenziwanga ngendlela elungile njengoba kunquma umthetho, bese udaba luya enkantolo, i-afidavithi iyothathwa njengengelona iqiniso futhi ingaba nemiphumela enzima, njengokuthi nje emacaleni obugebengu, ingaholela ekutheni lowo omangalelwe aphume phambili.
Uma ukhomishina wokufungisa ebona ukuthi umuntu owenza isitatimende akathandi ukufunga, kufanele angafungisi. Kwake kwaba nesimo lapho owayemangalelwe owayeboshwe ngaphansi koMthetho Wokuvikeleka Ngaphakathi, okwathi emva kokuvalelwa egunjini lokuhlalisa umuntu ngamunye futhi aphenywe, waphoqelelwa yiphoyisa ukuthi afunge ngaphambi kukhakhomishina wokufungisa. Inkantolo yakubekela eceleni lokho kuboshwa kukammangalelwa lapho kutholakala ukuthi wayephoqelelwe ukuthi afunge phambi kukakhomishina wokufungisa.
Kuyicala ukwenza isitatimende esingamanga ku-afidavithi wazi ukuthi singamanga, isifungo esiqinisekisiwe noma sesizotha, noma esifungelwe, uma nje isitatimende sisembhalweni, iqiniso laso elifungelwe, eliqinisekisiwe, noma elishiwo ngaphambi komuntu onikezwe amandla ngumthetho ukuthi afungise noma enze izifungo eziqinisekiswe.
i ngokuhluleka ukusayina amazwi afungelwayo kanye nokubhala igama lakhe ngokugcwele kanye nekheli lomsebenzi ngezansi kwesignesha yakhe, kanye ii nokuhluleka ukusho isikhundla sakhe kanye nendawo lapho aqokelwe khona kanye nehhovisi akulo uma kungukuthi uqokwe ngokwesikhundla sakhe.
Isikhalo esiphikisana nokuboshwa saphumelela.
Ukhomishina wokufungisa oqinisekisa i-afidavithi kudingeka ukuthi angachemi, angenzeleli futhi azimele ehhovisi lapho kwenziwe khona i-afidavithi. Esimeni lapho ummeli esebenza njengokhimishina wokufungisa kumlingani wakhe, kwatholakala ukuthi akakwazi ukuzimela ngokuphelele futhi unothando. Inkantolo yayalela ukuthi i-afidavithi iqinisekiswe ukhomishina wokufungisa okwazi ukwenza umsebenzi wakhe kahle.
Uma amakhophi emibhalo engafakazisiwe njengamakhophi ayiqiniso ombhalo wokuqala, ukhomishina wokufungisa ofakazise leyo mibhalo, angazithola naye qobo esesenkantolo njengobekwe icala ngokusiza umuntu ukuthi akhwabanise noma njengofakazi onikeza ubufakazi ngemibhalo eyiphutha.
Izigxivizo esezilungele ukusetshenziswa ezisetshenziswa umholi wendabuko njengokhomishina wokufungisa, kanjalo noyinki odingekayo, angeke kulethwe uHulumeni. Lokhu kufanele kutholwe umholi wendabuko ngezindleko zakhe.
S v Bacela 1988 SA 665.
Ukuqokwa njengokhomishina ofungisayo: Isigaba 51 soMthetho Wezobulungiswa Bezokuthula kanye noKhomishina Bokufungisa, 1963 Umthetho No. 16 ka-1963.
iii Isikhundla sokhimishina bokufungisa ngokwesikhundla: Isigaba 6 soMthetho Wezobulungiswa Bezokuthula kanye noKhomishina Bokufungisa, 1963 Umthetho No. 16 ka-1963.
Ukuboshwa ngumgcini wokuthula ngaphandle kwencwadi yemvume: Isigaba 40 soMthetho Wenqubo Yobugebengu, 1977 Umthetho No. 51 ka-1977.
